
Umklomelo weSekelashansela Kumcwaningi Wesayensi Yezithombo Ophumelele
Click here for English version
UTafadzwa Mabhaudhi, oyi-Research Associate Professor nomunye wabaQondisi be-Centre for Transformative Agricultural and Food Systems (i-CTAFS) KuSikole sezeSayensi yezoLimo, ezoMhlaba neMvelo ngesingisi i-School of Agricultural Earth and Environmental Sciences (i-SAEES) e-UKZN uklonyeliswe nge-Vice-Chancellor’s Research Award yangowezi-2020 ngeqhaza lakhe elikhulu kwezokucwaninga negama asezakhele lona emhlabeni emkhakheni wakhe.
Lo mklomelo, onikwa umuntu oyedwa njalo ngonyaka, uklomelisa umsebenzi wocwaningo kanti uhambisana nemali yokwenza ucwaningo engu-R150 000.
ISekelaShansela noMphathi wase UKZN, uSolwazi Nana Poku uhalalisele uMabhaudhi, wathi: ‘Ngikufisela inhlanhla futhi ngikholwa wukuthi lomklomelo uzokusiza ezifundweni zakho zocwaningo zangomuso.’
UMabhaudhi one-Y-rating ye-National Research Foundation ugxile kwi-ekhofiziyoloji yezithombo, ikakhulukazi ubudlelwano bezitshalo namanzi nesimo sezitshalo nesimo sezulu. Iziqu ze-BSc neze-Onazi kwiSayesni yeZithombo wazenza e-University of Zimbabwe ngaphambi kokuthi abhalisele iMastazi nezobuDokotela e-UKZN, zombili iziqu zingemisebenzi ye-Water Research Commission (i-WRC). Unerekhodi lokuba sesicongweni ngokushicilela amaphepha ocwaningo amaningi ngesihloko socwaningo emlandweni we-WRC, okungamaphepha ayi-11 nesahluko sencwadi, kanti useshicilele amaphepha ocwaningo angama-130 eminyakeni eyisikhombisa kusukela athweswa iziqu.
Iso likaMabhaudhi ligxile ocwaningweni lokubambisana, olunoshintsho nolushintsha inqubo lube nemiphumela ebonakalayo emiphakathini yabampofu neyasezindaweni ezisemakhaya eziseduze namadolobha. Lokhu kuholele ocwaningweni olubanzi oluhlanganisa imikhakha ehlukene oluthinta izimo zokudla, ezokushintsha kwesimo sezulu emhlabeni nendidiyela yamanzi, amandla kagesi nokudla.
UMabhaudhi usebenzisana namathimba aphesheya ukwenza ucwaningo oluhambisana nezinselelo zomhlaba wonke ezinjengokusweleka kokudla, isimo sezulu esiguqukayo. Emisebenzini egqamile aseke wabaneqhaza elimqoka kuyona kukhona uMngeni Resilience Project (i-URP) lapho ayengumQondisi, phecelezi i-Components Director, ne-Sustainable and Healthy Food Systems (i-SHEFS) project, lapho ayenguMcwaningi oMkhulu Wezolimo.
Ukwenza umsebenzi wakhe wocwaningo ube nezithelo ezibonakalayo, uMabhaudhi uvame ukuxoxisana nabantu abashaya umthetho eNingizimu Afrika nase-Afrika eseningizimu emazingeni ehlukene uma kwenziwa imithetho yenqubo. Useke waphakanyiselwa ezikhundleni eziningi okubalwa kuzona i-Research Strategy Committee ye-WRDC, ithimba longoti le-National Climate Change Adaptation Strategy loMnyango Wezemvelo, Ezamahlathi Nezokudoba, ithimba longoti le-National Framework for Climate Services nelungu lekomiti le-Climate Change Adaptive Capacity.
UMabhaudhi useke wahola imisebenzi ye-WRC ngezihloko eziningi, kusukela ekusebenzeni kwama-drone kwezolimo nokusetshenziswa kwamanzi ezinhlamvini zendabuko nezithombo zokudla. Ngonyaka wezi-2019 waklonyeliswa nge-WRC Research Knowledge Tree award ngamagalelo akhe ekushayweni komthetho nokuthatha izinqumo ekuthuthukiseni abantu emkhakheni wezamanzi. Useke weluleka abafundi abenza ucwaningo abangama-21 kanti kumanje ubheka umsebenzi wocwaningo weziyishumi kanti useke weluleka inqwaba yabacwaningi abasafufusa eNingizimu Afrika naphesheya.
Useke wahlonishwa ngezitifiketi yi-South African National Biodiversity Institute noMnyango Wezemvelo, Ezamahlathi Nezokudoba ngomsebenzi wakhe oncomekayo kwezokubhekana nokuguquka kwesimo sezulu.
IPhini LeSekelaShansela neNhloko yeKolishi Lezolimo, Ezobunjiniyela Nezesayensi, uSolwazi Albert Modi uhalalisele uMabhaudhi ngomklomelo otholwe yilososayensi osemncane, wathi lomklomelo ufakazela intshisekelo nokubekezela kwakhe. Nguyena owayengumeluleki wocwaningo lwezifundo zeMastazi nezobuDokotela zikaMabhaudhi, wamncoma ngokuthi wake wangumeluleki wakhe.
Amagama nesithombe: ngu-Christine Cuénod